Watch Ukhozi FM TV - 🚨 Dundee July Experience 2026 🚨

Ukhozi FM TV

🚨 Dundee July Experience 2026 🚨

Ukhozi FM TV Season 5 (2026)
 Sivakashela echwebweni | Ukhozi FM Breakfast Team eTransnet National Ports Authority
Sivakashela echwebweni | Ukhozi FM Breakfast Team eTransnet National Ports Authority

Sivame ukubona imikhumbi echwebeni kodwa wake wazibuza ukuthi kwenzekani ngempela ngaphakathi? πŸš’βš“ Ithimba lohlelo Ukhozi FM Breakfast livakashele i-Transnet National Ports Authority ukuze lithole ithuba lokubona umsebenzi, abantu kanye nezinhlelo ezenza ichweba lisebenze. #UkhoziFMTV #UkhoziBreakfast #Transnet #Echwebeni

Tamia bukhoma eSouth Africa!πŸ‡ΏπŸ‡¦
Tamia bukhoma eSouth Africa!πŸ‡ΏπŸ‡¦

Phinda uphile ubusuku obuyingqayizivele be-R&B neSoul njengoba uTamia ubeseThekwini ngomhlaka 7 kuNcwaba 2026. UTamia, isihlabani esidumile se-R&B emhlabeni jikelele, ubengundabamlonyeni walobu busuku, kanti uZonke noSjava balethe ubumnandi obumangalisayo njengabaculi abavule inkundla kulomcimbi Thokozela nasi isiqephu esikhethekile sokhozi FM TV, noNeliswa Mhlongo. #TamiaLiveInSouthAfrica #Tamia #UkhoziFMTV #UkhoziFM

PHUMELELA PRIMARY
PHUMELELA PRIMARY

UMSHADO WESINTU: YINI OKUMELE UYAZI? | Ummeli Wamafa Zola Mbatha
UMSHADO WESINTU: YINI OKUMELE UYAZI? | Ummeli Wamafa Zola Mbatha

USthandwa Nzuza uxoxa noZola Mbatha ngezinto ezibalulekile okumele imindeni izazi mayelana nemishado yesintu, ukubhaliswa kwayo kanye nomnqamulajuqu wangomhla zingama-31 kuNcwaba 2026. Kusho ukuthini uma umshado wesintu ungabhalisiwe? Yimaphi amalungelo asemthethweni okufanele abantu abashadile bawazi? Futhi kungani kubalulekile ukuhlela ikusasa lomndeni wakho kusenesikhathi? Kule ngxoxo siphinde sikhulume ngama-will nama-estate, nokuthi ukungabi ne-will kungawuthinta kanjani umndeni kanye nefa elishiywe umuntu. #WozaNabanganiBakho #UkhoziFMTV #UmshadoWesintu #ZolaMbatha #SthandwaNzuza #AmalungeloAkho #WillsAndEstates

🚨 Dundee July 2026 🚨
🚨 Dundee July 2026 🚨

Ukhozi FM beluphakathi emcimbini wamahhashi nobukhazikhazi nezemfashini umcimbi we Dundee July. Thamela nasi isiqephu so-Khozi FM TV ubone konke obekwenzeka kwi-#DundeeJuly2026. #UkhoziFMTV #DundeeJuly #UkhoziFM #DSAC

🚨 Dundee July Experience 2026 🚨
🚨 Dundee July Experience 2026 🚨

I-Dundee July Experience ingomunye wemicimbi emikhulu yezokungcebeleka, ezomculo nezokuxhumana eNyakatho yeKwaZulu-Natal. Imicimbi efana ne-Dundee July Experience iletha izivakashi ezivela ezindaweni ezahlukene, okukhuphula amathuba ebhizinisi kubadayisi bendawo, izindawo zokulala, izindawo zokudlela, abathengisi basemgwaqweni, osomabhizinisi abasafufusa kanye nabahlinzeki bezinsiza. Lo mcimbi awugcini ngokuletha ezokuzijabulisa kuphela, kodwa futhi uba yithuba lokwakha ubudlelwano, ukukhulisa amabhizinisi nokugqugquzela intuthuko. Thokozela lesi siqephu, ubone konke obekwenzeka kweyalonyaka i-Dundee July Experience. Izinga beliphezulu kakhulu! #UkhoziFMTV #UkhoziFM #DundeeJulyExperience #AmatholeFunerals

EZEMIDLALO RESEND
EZEMIDLALO RESEND

Ingxoxo eshisa izikhotha! πŸ”₯⚽ Sihleli nabezemidlalo emsakazweni Ukhozi FM uSimtho Dladla kanye Mkhaba Madonsela bevakashelwe uMageba Baxoxa ngokudlala kweBafana Bafana KwiFIFA World Cup, kanye nombuzo omkhulu othi: Ubani ofanelwe ukuba ngumqeqeshi olandelayo ngemuva kukaHugo Broos? Sitshele umbono wakho! #UkhoziFM #UkhoziTV #BafanaBafana #Fifaworldcup26 #Ezemidlalo #Luhambaphambili

🚨Smirnoff Makoya Imbizo🚨
🚨Smirnoff Makoya Imbizo🚨

Abakwa Smirnoff babambisene nomsakazo Ukhozi FM bakwethulela umcimbi i-Smirnoff 1818 Makoya Imbizo. Le ndumezulu yomcimbi yayihlanganisa 🎀 uMaskandi πŸ₯ iGqom 🎧 House Music πŸ•Ί namaPiano. #WeDoWe #Nakanjani #UkhoziFM

USjava ugubha iminyaka engu-10 emculweni 🎢πŸ”₯
USjava ugubha iminyaka engu-10 emculweni 🎢πŸ”₯

Ukhozi FM TV lwaluyingxenye yomcimbi i-#TheSjava10YearCelebration owawuseDurban ICC, eThekwini. Siphinde sakhuluma nabalaleli bomsakazo Ukhozi FM ukuthi: β€œNgabe bayayibona inkululeko kuleli?” Bukela lesiqephu ukuze uthole ithuba lokwazi kabanzi ngabashayeli bohlelo #WozaNabanganiBakho, uKhathide β€œTshatha” Ngobe noSthandwa Nzuza πŸŽ™οΈ Phawula, sifuna ukuzwa umbono wakho! Ukhozi FM Luhamba Phambili! πŸ”₯ #UkhoziFM #UkhoziFMTV #WNB #Sjava

Save video to ...