- Ukhozi FM TV
UNeliswa Cele oshayela Ukhozi FM TV ukulethela konke obekwenzeka kuma-South African Music Awards 2024. Ingqikithi yakulonyaka yama-#SAMA2024 ibithi "Proudly South African Chic" Thokozela lesiqephu, ungakhohlwa ukuciphiza uLike kanye noSubscribe ukuze ungaphuthelwa isiqephu esilandelayo. #UkhoziFMTV #UkhoziFM #SAMA2024 #SOuthAfricanMusicAwards2024
Inyanga esiphuma kuyo, inyanga ka Mfumfu, inyanga eNingizimu Afrika eyaziwa njengenyanga ebungaza iphinde iqhakambise ezokuthutha. Ukhozi FM TV lwathola ithuba lokuba nengxoxo nomunye wabasebenzi abasebenzela inkampani yezitimela ezithutha abantu, uMnu Tusani Luthuli. UMnu Luthuli usilandisa kabanzi ngobuhle nabuhlakani bokusebenzisa izitimela. Kulesiqephu sifunda lukhulu ngomsuka wezitimela kanye nomthelela ezinawo emnothweni wase Ningizimu Afrika. Thamela lesiqephu, ufunde kabanzi ngokusebenza kwezitimela, ngokuphepha kwazo nangama nani aphansi othola ngawo amathikithi esitimela. #UkhoziFMTV #TransportMonth #UkhoziFMxPrasa #UkhoziFM
Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa no-Nombuyiselo Ngcobo. Kulesiqephu uNombuyiselo usilandisa ngecebo likaNkulunkulu ngesikhathi esezothatha uMyeni wakhe owangumuholi webandla. Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu #UhamboNoNkulunkulu #Eshilo #UkhoziFMTV #UkhoziFM64 #30YearsOfDemocracy
Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa no-Nombuyiselo Ngcobo. Kulesiqephu uNombuyiselo usilandisa ngecebo likaNkulunkulu ngesikhathi esezothatha uMyeni wakhe owangumuholi webandla. Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu #UhamboNoNkulunkulu #Eshilo #UkhoziFMTV #UkhoziFM64 #30YearsOfDemocracy
Ukhozi FM TV lubenengxoxo noMnu Sphumelele Zondi ongungoti wezobuchwepheshe. Kulesiqephu uMnu Zondi usilandisa ngezinkundla zokuxhumana, nokusebetshenziswa kwamaselula izingane. Usiqwashisa ngomkhonyovu okhona ezinkundleni zokuxhumana, ephinde eveze ukubaluleka kokulandelela njengomzali inqubeko yomtwana wakho ezinkundleni zokuxhumana nakwi internet. #UkhoziFMTV #UkhoziFM64 #VukaUqondeKabanziNgezobuchwepheshe #Ubuchwepheshe #SphumeleleZondi
Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa no-Ayanda Zulu ngohambo lwakhe. Ukhozi FM TV belumenyiwe ohlelweni #Eshilo oludlala njalo ngeSonto kusukela ngo 09h00 - 12h00 olushayelwa uThembeka Zondo-Cele ngaphansi kwengosi ethi #UhambonoNkulunkulu. Kulesiqephu u-Ayanda usixoxela ngohambo lwakhe Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu. Link: https://youtu.be/vvJA86HVob0?si=DVpBoxGf6sux_f8z #Eshilo #AyandaZulu #UkhoziFMTV #UkhoziFM #30YearsOfDemocracy #Zidlekhaya
Ngosuku le holidi le heritage day, umhlaka 24 September 2024, Ukhozi FM TV lwaluvakashele idoloba elikhulu kakhulu laseMgungundlovu futhi elingelinye lezinhlokodolobha zaseNingizimu Afrika. Lendawo inomlando omkhulu wendlu emnyama Ukhozi FM TV lwabungaza usuku lwamaSiko ngokuthamela umcimbi wosuku lwamasiko owawuse lokishini lase Mbali, eMgungundlovu #UkhoziFMTV #PMB #TourismMonth #HeritageDay #Pietermaritzburg #UkhoziFM64
USandile Cele ungumntwana kaNkulunkulu uMfundisi ohola ibandla elibizwa ngokuthi i-The Ark of Worship International kanye nomkakhe. UMnu noNkk Cele bangabasunguli be- Raising an Altar Of Prayer, okuwuhlelo lapho bathandazela abantu futhi bathandaze kanye nabantu ezinkundleni zokuxhumana. USandile Cele ungumculi owathola udumo esaseqejini elikhulu lomculo wokholo i-Joyous Celebration. Thamela lengxoxo abenayo no Muzi Mthabela esilandisa ngempilo yakhe. Link: https://www.ukhozifm.co.za/ukhozifm/ukhozi-tv/ #SAMusicMonth #SandileCele #UkhoziFMTV #UkhoziFM #Zidlekhaya
Kulenyanga sibungaza izimboni ezahlukene zokuthutha abantu, sithe akesifunde kabanzi ngomkhakha wamabhanoyi nomshayeli wawo uPearl Khanyile. UPearl umeme Ukhozi FM TV endaweni yakhe yokusebenza; Iskhumulo sesindiza esincane eThekwini, iVirginia Airport. Thokozela lesiqephu ufunde kabanzi ngomkhakha wezindiza noPearl Khanyile. Link: https://www.ukhozifm.co.za/ukhozifm/ukhozi-tv/ #PearlKhanyile #UkhoziFMTV #UkhoziFM64 #Pilot
UBishop Nkambule (Executive Producer- Crown Gospel Music Awards) izolo ohlelweni #Eshilo uthule ngokusemthethweni uphawu olusha lwama-Crown Gospel Music Awards oluhlonipha igalelo likaZanele Mbokazi-Nkambule emculweni we-Gospel. Loluphawu lunesithombe sika Zanele Mbokazi-Nkambule kanye nomlayezo othi " The Legacy Continues" #TheLegacyContinues #StillWePraise
I-Vuka Afrika Breakfast Show iphethe inyanga yabesifazane nabashayeli bamatekisi abangamalungu e-Estcourt Taxi Association. Osomatekisi babephume ngobuningi babo ngalolu suku ukuzovala inyanga yabesifazane. Kwakukuhle kudelile, abasakazi nabadidiyeli bomsakazo Ukhozi FM kanye nosomatekisi base-Estcourt Taxi Association babehlobe ngamaphinifa njengenkomba yokuseka abantu besifazane. UkhoziFM GBV 365, kuqala ngami, sakha isizwe esingahlukumezi. Link: https://youtu.be/YDEJd5fOjPc?si=s9gTcH6yAmBF6F00 #UkhoziFMTV #VABS #EscourtTaxiAssociation #GBV365 #UkhoziFM
Uma ungowase Ningizimu Afrika, uyawazi umlando awuphelele uma singakhulumanga ngegama lika Tata uNelson Rolihlahla Mandela. Kulesiqeshana, Ukhozi FM TV beluvakashele ekhaya lakhe lakudala eseliphendulwe isigcina magugu (Museum) lapho wonke umuntu avumelekile ukuthi ayekhona, ayobona futhi efunde kabanzi ngempilo kaTata esahlala enombolo 8115 Vilakazi Street eSoweto, okuyilapho ahlanganisela khona onke amacebo akhe nobuhlakani bokukhulula iNingizimu Afrika ngaphansi kwesandla sahulumeni wobandlululo. Kulesiqephu uMuzi uxoxisana noNozipho Ndlovu osebenza khona lapha eNelson Mandela National Museum, obesilandisa kabanzi ngomlando ka Tata uNelson Mandela. Link: https://youtu.be/r3fx232wca4?si=hoY-h0XZ29Ra90VU #UkhoziFMTV #NelsonMandela #NelsonMandelaMuseum #NoziphoNdlovu #isikoLamiIsikoLakho #UkhoziFM #30YearsofDemocracy
Ukhozi FM TV lube nengxoxo ekhethekile nomlingisi wodumo u-Israel Matseke Zulu. U-Israel usilandisa kabanzi ngempilo nokukhula kwakhe emndenini owawungathathi entweni, kodwa ngoba wayephokophelele phambili,ezimisele ngempumelelo lokho akumuvimbanga ekufezeni amaphupho akhe. Kanti nokubasejele akuzange kumunqobe amandla kanye nephupho lakhe. Link: https://www.youtube.com/watch?v=jMMiMqfzmbQ #UkhoziFMTV #IsraelMatsekeZulu #YizoYizo #Gazilam #INambaNamba #UkhoziFM
Ukhozi FM TV lube nenkulumo ehlabahlosile nezihambeli ezisebenza ngezezimali. Lezihambeli mlaleli woKhozi FM uzozazi ohlelweni i-Vuka Afrika Breakfast Show lapho ongazithola khona lezinsizwa zixoxa ngezezimali. Izihambeli zethu uMnu Sfiso Nala ongumeluleki wezezimali (Financial Coach) kanye noGugulethu Xaba ongumhlaziyi wezomnotho. Kulengxoxo bakhuluma ngokwakha imali komuntu ngokusimamisa amabhizinisi, kanye nokwakhiwa kwemali yizwe iNingizimu Afrika. Thokozela lenkulumo ufunde kabanzi ngezezimali, nokuthi ziphathwa kanjani Link: https://www.youtube.com/watch?v=5O0mNlCQ5Js #UkhoziFMTV #AmandlaOmnotho #UkhoziFM #VABS