
Uhlelo #SigiyaNgengoma lukwethulela #Indishi lapho luzolekelela intombi engenawo amandla anele ukwenza umcimbi womemulo. Lo mcimbi ubungomhlaka 11 kuMfumfu 2025 ezindlini zomsakazo eSABC M1 Studios, nokuyilapho okwamenyezelwa izintombi ezimbili ezizoshayelwa Indishi, okwaba uSinethemba Gcwensa kanye noKhanyisile Zungu. Bekukuhle kudelile ezindlini zomsakazo ngoMgqibelo njengoba kade kunomcimbi we-#Indishi. Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe woMnyango Wezemidlalo, ezobuCiko namaSiko Kwa-Zulu Natali uMnu Mtomuhle Khawula, nokuyilapho anikela ngo-R20 000 entombini ngayinye. Zigqaje ngobuntombi bakho! #SigiyaNgengoma #Indishi #UkhoziFM

Sixoxa noNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uMphathiswa uMbali Shinga ngesabelomali somnyango. UNgqongqoshe kulesiqephu usihlinzeka ngemininingwane yayo yonke imali eyabelwe uMnyango wakhe, achaze ngokuthi lesabelo mali sizoyithuthukisa kanjani inhlalonhle yabantu baKwaZulu-Natal. #UkhoziFM #DSD

I-Dundee July niyethulelwa uMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal, oMasipala baseNdumeni naseMzinyathi, iTraditional Horse Racing and Breeding Association nabaxhasi #20YearsOfDundeeJuly #UkhoziFM #DundeeJuly #DundeeJuly2025 #AfricanJewel #socialcohesion #activeandwinningKZN #UkhoziFM65

Ukhozi FM TV beluhambele ingqungquthela yaminyaka yonke i-Africa Travel Indaba ebiyenzeka izinsuku ezintathu eICC eThekwini, kusukela ngomhlaka 15-17 May 2025. Ukhozi FM TV likulethela ukusuka nokuhlala kwalomcimbi obunezihambeli ebeziqhamuka kuwowonke amazwe ase-Afrika. #UkhoziFMTV #AfricaTravelIndaba #TravelTourism #UkhoziFM

UMnyango weZemidlalo, UbuCiko namaSiko KwaZulu-Natali oholwa uNgqongqoshe uMntomuhle Khawula uwunyusela kwelinye igiya umkhankaso wokuvundulula, ukuthuthukisa kanye nokuqhubezela phambili amakhono. Lomlayezo siwethulelwa uMnyango weZemidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natali. #KZNDepartmentOfSportArtsAndCulture #UkhoziFM #AfrikaYami
Save video to ...
