
Sibuka umthelela wenkohlakalo ekulethweni kwezidingongqangi , amalungelo ezakhamizi zakuleli, nakwezomnotho . Lokhu kulandela imimibiko yokukhwabanisa okubalelwa ku-R2 billion wamarandi esibhedlela saseTembisa nokuqinisekiswe uphiko oluphenya amacala ayisipesheli i ISIU. Akupheleli lapho , kuneIzinsolo zenkohlakalo ezinhlelweni zamathenda ezinhlelo zokudla ezikoleni esifundazweni i KZN ,kanye nezinsolo zenkohlakalo kwi Giyani water project e Limpopo. Umbuzo wethu ngokubona kwakho yini engenziwa ukuqeda inkohlakalo kuleli?

Imibhikisho ethinta izinkinga zamanzi ezifundazweni ezahlukene zaseNingizimu Afrika isaqhubeka nokugcwala kwabezindaba. Sibala mbukeli i Westbury kanye ne Ebony Park eGoli esifundazweni sase Gauteng, eNaas engaphansi kwe Nkomazi local Municipality e Mpumalanga , ise Chatsworth ngaphansi kwe Thekwini Municipality . Ukuthola amanzi kuyilungelo elingokomthethosisekelo futhi eliyisisekelo esithunzini somuntu kodwa eminyakeni engaphezu kwamashumi amathathu ngemuva kokufika kwentando yeningi, iNingizimu Afrika uma ubheka lemibhikisho isho ukuthi isehluleka ukuletha amanzi aphephile . Kungabe inkinga ikuphi, ikomaspala, amabhodi amanzi, umnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle? Inkinga yengqalasizinda yamanzi ebinganakekelwa iminyaka eminingi? Inkohlakalo? Sikulungisa kanjani loku mbukeli? Deputy Minister Water and Sanitation David Mahobo ukhuluma nathi . Ukuthola ezinye izindaba, vakashela i-sabcnews.com kanye ne #SABCNews #SABCIzindaba kuSocial Media.

Abesifazane abaphuza bekhulelwe , isihloko sethu mbukeli namuhla ,njengoba umhlaba ugubha i-World Fetal Alcohol Syndrome Day .Lolusuku lwenzelwe ukuqwashisa ngenkinga edalwa ukuphuza ukhulelwe enganeni, uma sekufanele iye esikoleni namukhakha wezempilo .Silwisana kanjani nalenkinga mbukeli esemadolobheni nasemaphandleni akuleli? Sizozwa kabanzi komama abebephuza bekhulelwe kanye nezihambeli zethu.

Imboni yemingcwabo yaseNingizimu Afrika neyenza izigidigidi zamarandi minyaka yonke mbukeli ngokomlando ibiholwa abesilisa. Bakhona ke abesifazane asebengene kulemboni futhi basebenza ngokuzikhandla kulamabhizinisi. Njengoba iningizimu afrika ibhekene nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi, yini engenziwa ukuvulela abesifazane abancane nabadala kulemboni? Yimaphi amathuba akhona kulo mkhakha ikakhulukazi kwabesifazane abasebancane. Eminye yemibuzo mbukeli esizobe siyidingida nodokotela Nomfundo Mcoyi-Zondo, ongumsunguli we-Icebolethu Group elihamba phambili kulomkhakha noqokwe njengomengameli wokuqala wesifazane weSouth African Funeral Practitioners Association (SAFPA), abuye futhi abe ngowokuqala ovela esifundazweni i KZN emlandweni weminyaka engu-26 walesoseshini

One of the most injustices affecting thousands of South African families — the unlawful repossession of homes by major banks. Imagine waking up to find your house auctioned without your knowledge, and a stranger telling you to vacate — a painful reality for far too many citizens.
Save video to ...
