Dankie 1223

Entertainment

It is an urban show for Afropolitan: Young, urban and culturally savvy with a global outlook. Inhabitants of a metropolis. People who are in rural/peri urban communities but are aspirational in nature. They aren’t as savvy but they are self taught and take initiative they take interest in their development and exposure. The environment of the show is: Authentic, Aspirational, informative and bold! The target audience is working class, people living with disabilities and peri urban community. Hosted by the ever so witty and informative King Sfiso and Zimdollar Zimiphi Biyela.

DANKIE1223 - QUE DJ INTERVIEW (17 JAN)

Namhlanje sikhuluma noDJ no Producer womculo onezondodo kuma- SAMA (South African Music Awards), oyinxenya ye- Destruction Boys, eyake yasifaka kunyaka omusha oKhozini FM.

16:02

DANKIE1223 - DANKIE MCULO (17 JAN)

Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Ubuyile umThimbane, aphelile amaholidi manje, asazi nopma ukutholile ukuphumula, kwazise phela uDecember isikhathi semicimbi nenjabulo, ikakhulukazi kulokhakha wakwaqeda isizungu. Uma uqala ukuzwa ngalengosi, siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama-Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. Sikhuluma nge- Legacy Catalogue, ingabe kuchaze ukuthini lokhu, kubaluleke ngani futhi kwenziwa kanjani?

09:15

DANKIE1223 - MAX MQADI INTERVIEW (16 JAN)

Sekujwayelekile ukuthi ama- podcast noma ama- Youtube channels esuse ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yezinto ezishiwo khona, noma indlela aba- Editha ngayo i- footage ukuze ihehe ama- subcribers noma ama-followers. Kunengxoxo esuse ukukhuluma okunzima ezinkundleni zokuxhuma. Ingxoxo ephakathi kuka- Mnu. uMax Mnqadi nethimba labadlali be- Golden Arrows. Ingxoxo yabo siyibone kwi- Up, Back, Through Podcast by Golden Arrows. Ukhona uMnu. Mqadi ukuzoziphendulela ngalamazwi akhe, nendlela eshiye abantu baselokshini bezizwa ngayo.

27:11

DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (15 JAN)

Phumzile Ngidi Sunnyside Park, Adams Mission VS KD Hlengiwe Lungile Ngubane  Greytown.

10:03

DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (15 JAN)

Akujwayelekile ukuthi izifo esezikhungethe umhlaba zingahambisani nokudla noma iziphuzo okumele sizigweme ukuze izifo zingasibulali noma zisigulise kakhulu. Lokhu kuyakhomba ukuthi ukudla esikudlayo kunomthelela omngakanani kusimo sempilo yethu. Sifisa ukwazi kuwemlaleli ukuthi isiphi isifo onaso esilawula indlela noma inkululeko yakho yokudla ukudla okuthandayo? Sikhuluma ne- Dietician kabanzi mayelana ne- plant based diet. Sike sathi ukuyisikaza ngesonto elidlule siyibheka ne- Vegetarian, Vegan kanye nePescatarian diet. Namhlanje siyagxila kwi- Plant based diet, sibuka ububi nobuhle bayo, kanye nezifo esiza ukuzithiba.

14:01

DANKIE1223 - STATE OF SA (14 JAN)

Guest: Financial Advisor Sipho Ngcobo. Ukushayeka kwesimo somnotho eNingizimu Afrikha ukubona ngamanani aphezulu ka- Petrol, ukudla okubizayo, ama- Interest rates aphezulu nokunyuka kwe- Inflation. Lokunyuka kwezinto kunsinya abantu abaningi begcine sebethenga ukudla ngisho nangama- credit card.Ukushayeke komnotho ukushayeka kwamaphakethe ezakhamuzi. Ucwaningo lezikhungo zemali eNingizimu Afrikha luveza ukuthi abantu bayahluleka ukonga imali yabo kuleminyaka edlule, emuva kweCOVID. Ama- Savings account amaningi akhala ibhungezi. Ukwazile ukonga imali ngonyaka odlule? Kulonyaka, uyazibona ukwazi ukonga imali?

16:52

DANKIE1223 - DISABILITY 360 (14 JAN)

Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo noNosiphiwe Khumalo ongumsunguli we- Nosiphiwe Foundation, inhlangano engayakhi inzuzo kepha iyasiza emphakathini.

10:14

DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (13 JAN)

Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.

04:45

DANKIE1223 - DANKIE MCULO (10 JAN)

Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records.   Ubuyile umThimbane, aphelile amaholidi manje, asazi nopma ukutholile ukuphumula, kwazise phela uDecember isikhathi semicimbi nenjabulo, ikakhulukazi kulokhakha wakwaqeda isizungu. Uma uqala ukuzwa ngalengosi, siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama-Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. Sikhuluma ngemicimbi ngeFestive, nesasasa Labantu ukuba ingxenye yayo? Ingabe iCOVID isishintshe unomphela? Umthelelo weSocial Media nama- Lives? Izinto ezishiwo oMC Estage emcimbini zibaluleke ngani? Siyaqhubeka nengxenye yethu yesibili yengosi- Dankie Mculo! Usakhona uThemba Molongoana oyi- A&R yase- David Gresham Music. Kukhona noJabulani Shandu ongumculi kodwa ozakhele udumo kakhulu ngokunandisa emicimbini ikakhulukazi Kwa- Zulu Natal.

30:07

DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (09 JAN)

Siyazi ukuthi ngomhlaka 14 January 2025, ngesonto elizayo kuzobe kuphuma imiphumela ye- Klasi likaMatikuletsheni lanyaka u- 2024. Namhlanje sivuke ngezindaba ezimnandi ezisazisa ukuthi inkantolo enkulu yase-Guateng, Guateng High Court ilichithile icala ebelilethwe kuyo ngokuphuthuma abakwa -Information Regulator (IR’s), abalwisana ne- Depart of Education ukuthi ingayikhiphi imiphumela yaezingane emaphepheni ngesonto elizayo.  Ibikhala ngePOPI Act njengoba kuphuma iininingwane yama- student number emaphepheni. Inkantolo isichithile lesicelo, yathi asiphuthumi, futhi akekho umzali noma umfundi osakhonondile nge- POPI Act uma kuza kwimiphumela yabo.  Namhlanje sifisa ukukubuyisela emuva mallei, awuzame ukukhumbula ukuthi wawuphasa kanjani uMatric wakho wena? o- A bona babekhona? iSymbol yona owayithola? Thumela iVN usishayele ucingo.

26:14

DANKIE1223 - SETH SHEZI CHEF INTERVIEW (09 JAN)

Sikhuluma no- Seth Shezi okunguye obashaye bonke emakhanda kumncintiswano we- Master Chef ku- S3 ngonyaka odlule. uSeth uhlomule izindodla zemali akathi izoshintsha impilo yakhe.

10:55

DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (08 JAN)

Sphesihle Vilakazi eSoweto ubhekene noPhumzile Ngidi eSunnyside Park, Adams Mission.  

08:29

DANKIE1223 - SIDLA NO DIETICIAN (08 JAN)

Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo nge- Gout nezinhlobo zezinhlelo zokudla esingazizama ukuze si- detoxe futhi sinciphise umonakalo wenyama egazini.

08:54

DANKIE1223 - DISABILITY 360 (07 JAN)

Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo noNosiphiwe Khumalo ongumsunguli we- Nosiphiwe Foundation, inhlangano engayakhi inzuzo kepha iyasiza emphakathini. Sothola ulwazi ngayo iFoundation namhlanje, nomsungili way obese kulamasonto alandelayo uzobe esazisa ukuthi iziphi izihloko abafika bezikhulume uma bevakashela izikole kulesikhathi sika- Back To School.

06:33

#DANKIE1223 KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (06 JAN)

Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubazisa ngamathuba emisebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.

04:58

DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (02 JAN 2025)

Ngesonto elidlule Sifundisa umlaleli woKhozi fm nge-friendmas, bachaza oLee noLonda ukuthi into esiyenzayo sonke le, uma nidhlangane nabangani ngaphambi kukaKhisimusi noma ngawo ukhisimusi nazijabulisa sekuyi- Freindmas leyo. Kuthathe uFRIEND wahlanganiswa noCHRISTMAS, kwaphuma uFRIENDMAS. Namhlanje ngifisa sifundise umlaleli nge- staycation noma ifreindcation ukuze engaxwayi mayebona lama- Hashtag kuma-Caption noma izitathasi zabantu. Uma sikhuluma nge- Staycation sikhuluma ngohambo oluseduze nawe, noma kwenye yezifundazwe zase- Ningizimu Afrikha. Lapho inhloso kungukuphumula, imvamisa iStaycation uyenza ezindaweni ozithola koAir BnB kanje. Inhloso ukuphumula, so uthola indawo epholile futhi ethule ungawenzi ama- Activity endaweni. Abantu abaningi abazisebenzayo bayayithanda iStaycation ngoba imvamisa uyithatha uwedwa noma unesithandwa sakho kuphela. Bese kubakhona iFriendcation: La sikhuluma ngeVacation yabangani. Loluhambo eniluplanna ku- whatsapp nithi nifuna ukuhamba as ama- Gals/ Boys noma nixubene. Nibe namaTheme ezingubo enizozigqoka, nikhethe nama- activities enizowenza phambili. Kungaba iFriendcation yokuya- Phesheya noma indawo eLocal. Maningi amaGroup ku- whatsApp asungulelwa lesizathu kepha agcina kanjalo, uhambo aluphumeleli. Awusazise uma ngonyaka odlule iFriendcation yenu ‘made it outside of the whatsApp group’, okusho ukuthi iphumeleli, nazikhipha ningabangani, nayaphesheya noma eCapeTown, noma eThewkini, noma eGoli, eMpumalanga, Limpopo etc. Ziningi izindawo ezinhle eSouth Africa. Kulabo abafisa ukuzikhipha kulonyaka, iGroup yenu isikhona, nifuna ukuvaka kuphi, nini? Sinibalelile amaLong Weekend akhona kulonyaka, qalani ngawo ukukhetha isikhathi ukuze nisheshe niBhukhe amanani ezindawo esaphansi.

22:33

DANKIE1223 - SABC PLUS APP INTERVIEW (26 DEC)

Sino Zipho wakaGumede osazisa kabanzi ngakho konke okwenzeka kwi SABC PLUS APP.

11:06

DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (25 DEC)

13:54

DANKIE1223 - DISABILITY 360

Sivule uhlelo nge- mix emnandi ka- Deejay King Kwar, ongu- Dj ongaboni emehlweni. Besifisa ukuthi ebenathi bukhoma emsakazweni, ngebhadi uhlangane nezinqinamba ngaphambi kokuba efinyelele ngapha.

15:57

DANKIE1223 - MALUNGELO X RETHABILE INTERVIEW (23 DEC)

Namhlanje sivakashelwe uMALUNGELO kanye noRETHABILE, abacula ingoma ‘UYAVELA” eqokiwe kwi-Top 10 yoKhozi FM KUNYAKA KA- 2024.

11:45
Close

Save video to ...