Dankie 1223

Entertainment

It is an urban show for Afropolitan: Young, urban and culturally savvy with a global outlook. Inhabitants of a metropolis. People who are in rural/peri urban communities but are aspirational in nature. They aren’t as savvy but they are self taught and take initiative they take interest in their development and exposure. The environment of the show is: Authentic, Aspirational, informative and bold! The target audience is working class, people living with disabilities and peri urban community. Hosted by the ever so witty and informative King Sfiso and Zimdollar Zimiphi Biyela.

DANKIE1223 - PHUTI KHOMO (21 FEB)

Sikhuluma noPhuti Khomo ovela kwa-Phuti Khomo Modelling Agency. uPhuti Khomo-Mahlangu, unguzime odumile eNingizimu, umlingisi, usomabhizinisi ozimele kanye nesishoshovu samalungelo abantu besifazane, ikakhulukazi abasha. Usivakashele bukhoma emsakazweni namhlanje, uzosazisa kabanzi ngomsebenzi oncomekayo emphakathini we-Phuti Khomo Modelling Agency. 

08:31

DANKIE1223 - DANKIE MCULO - (21 FEB)

Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & amp, Repertoire kwa-David Gresham Records. 

18:22

DANKIE1223 - KWANDABAZABANTU (20 FEB)

Namhlanje sikhuluma ngodaba olumayelana nenkolelo ethi "Ingane iyawuqinisa umshado", ngakho kubalulekile ukuthola umntwana nomuntu wakho uma niqeda ukubopha ifindo lomshado. Kodwa kukho konke lokho, akubona bonke abantu abanenhlanhla yokuthola abantwana nhlangothi zombili kwabesilisa nabesifazane. 

19:02

DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (19 FEB)

Sikhule sazi ukuthi isidlo sasekuseni isono esibalulekile kunazo zonke. Uma uvula umabonakude wakho noma umaphepha bhuku (magazines) bekujwayelekile ukuhlangana nalesisiqubulo - ‘breakfast is the most important meal of the day’.  Uma sibheka umsuka walesiqubulo, kuyavela ukuthi asisona iqiniso, alukho ucwaningo emhlabeni elikhomba ukuthi ukudla isidlo sasekuseni kubalulekile kunezinye. Ingakho sibona nokukhula kwezinto ezifana no- Intermittent fasting esike sakhuluma ngayo emasontweni adlule.  Umlando uthi lesiqubulo saqalwa indoda eyasungula ama- Kelloggs Cornflakes, yasisebenzisa ukugqugquzela abantu ukuthi bethenge ama- cereal ukuze bezodla ekuseni. iTulo lwe- marketing leli, phecelezi, marketing strategy.  Namhlanje sizokhuluma noDietician wethu uNelile, sizwe ngokubaluleka kwezikhathi zokudla nokuthatha ama- supplement.  uZim uhlezi esazisa ukuthi yena akudleki ekuseni, uyahluleka kuze kube ngcono izikhathi zeLunch. Kunabantu abadla ngisho umfudumezo ekuseni ngovivi, ikakhulukazi uma sibuka ema- Rank, kushaya u7am abanye osomatekisi sebedla ipleti eligcwele.

11:43

DANKIE1223 - MBONGENI MDLULI - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKA (STATE OF SA)

Namhlanje sizokhuluma Mnu. Mbongeni Mdluli  UMbongeni Mdluli wazalelwa eMbumbulu futhi unendaba enamandla yokuguquka. Eseyingane encane, wahlangana nabangane ababi, okumholela endleleni yobugebengu. Ekugcineni, waboshwa ngenxa yezinsolo eziningi zobugebengu futhi wavalelwa ejele. Ngesikhathi esejele, ekuqaleni waqhubeka nendlela engeyinhle, kodwa kamuva waba noshintsho enhliziyweni yakhe.  Enqume ukushintsha impilo yakhe, wazihlukanisa nabantu abamholela ebulimeni futhi wagxila ekuthuthukiseni yena uqobo. Ngemuva kokudedelwa ejele, uMbongeni nabanye ababekade beboshwe basungula uhlelo lomphakathi olugxile ekuphakamiseni umphakathi nokusiza abanye ukuthi bangaphindi amaphutha abo.  Bavakashela ezikoleni futhi bahlanganyela nezingxoxo zomphakathi, basebenzisa izipiliyoni zabo siqu ukufundisa nokukhuthaza intsha ukuthi ikugweme ubugebengu futhi yenze izinqumo ezinhle. Namuhla, uMbongeni uyibhizinismeni ophumelelayo futhi ungomunye wabasunguli beKwamakhutha Medical Centre.  Lesi sikhungo sinikeza izinsiza zezempilo ezihlukahlukene, okubalwa kuzo ukwelashwa okujwayelekile, amazinyo, umnyango wezithombe zamasosha (X-ray), kanye nezinsiza zesintu. Uhambo lwakhe ukusuka ebunzimeni aye empumelelweni yobuholi bomphakathi nobungxiwankulu luyisibonelo sokubekezela, uguquko, namandla amathuba esibili.

40:23

DANKIE1223- DISABILITY 360 (18 FEB)

Ngokwama- Record akwa- Department of Education, Kunezingane ezingama- 121 500 ezifunda ezikoleni ezijwayelekile, hai izingama special school. Ama Soecial School anezingane ezikhubazekile ezilinganiswa kuma- 119, 500. Yize zincomeka izibalo, kepha kusanezingane ezikhubazekile ezingamakhulu amaningi ezisadinga ukuthola indawo yokufunda. Zihleli emkahya zilinde ukuthi kuhambe iwaiting list. Namhlanje sikhuluma noNomusa Ngwenya onezingane ezimbili ezikhubazekile kodwa ezifundayo, uNkosenhle Zwane noSanelisiwe Zwane

07:47

DANKIE1223 - INTERVIEW QUESTIONS - STRENGTHS AND WEAKNESSES (KUBAMBA EZINGELAYO 17 FEB)

Sibheka eminye yemibuzo ongayilindela uma usubiziwe kwi-interview, lombuzo othi whats are some of your strengths and weaknesses?

01:27

DANKIE1223 - AMATHUBA EMISEBENZI - KUBAMBA EZINGELAYO (17 FEB)

Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Abantu abasha abaningi abazitholanga izikhala zokuqhubeka nemfundo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Abaningi sebecela ukunikwa ama learnership nama Internship programmes ukuze kube khona abakwenzayo. Ake sibuke umahluko kulama programmes ukuze bawaqonde kahle.

05:12

DANKIE1223- MBALI DLAMINI NO SAMKELO SHEZI INTERVIEW (14 FEB)

Sikhuluma nezithandani uSamkelo Shezi noMbali Dlamini abadume kakhulu ezinkundleni sokuxumana, bobabili baphinde babe ngama Content Creator khona ezinkundleni zokuxumana.

15:41

DANKIE1223 - DANKIE MCULO (14 FEB)

Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezemculo eNingizimu Afrika noThemba Molongoana oyi head of Artist and Repertoire kwa-David Gresham Records. 

14:25

DANKIE1223- PHILA 'KOSHIN' DLAMIMI WORLD RADIO DAY INTERVIEW (13 FEB)

Sikhuluma noPhila "Koshin" Dlamini ongungoti yezokwegcebeleka enezinhlaka eziningi ozinze eThekwini. 

04:27

DANKIE1223- NONTOKOZO MKHIZE INTERVIEW (13 FEB)

Sikhuluma noNontokozo Hlengwa odume ngelika Nontokozo Mkhize ongumculi waseNingizimu Afrika odabuka eNanda Newtown A.

08:51

DANKIE1223 - MLAMULI NXELE WORLD RADIO DAY INTERVIEW (13 FEB)

Sikhuluma nongusomabhizinisi ozimele uMlamuli Nxele ngokubaluleka kokukhangisa umsakazo njengebhizinisi, uNxele useke wasebenza njengo Marketing Manager khona la emsakazweni uKhozi FM.

24:15

DANKIE1223 - SKHUMBUZO MKHIZE VS SELIMATHUNZI HLOPHE - ZWAKALA EKASI LAMI (12 FEB)

Kuzwakala ekasi lami namhlanje kubhekene abafundi bezindaba uSkhumbuzo Mkhize noSelimathunzi Hlophe.

15:53

DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKA/STATE OF SA (UBUGEBENGU)

Sicela usilandise ngesimo sobugebengu bezigelekeqe (gang) ngakini, naseningizimu Afrika jikelele.

19:53

DANKIE1223 - DISABILITY 360 (THE GREEN BARETS)

Namhlanje sinezihambeli uMhlonipheni Gumede weqembu iThe Green Barets, leliqembu lomculo linamalungu ayisishiyagalombili aphila nokukhubazeka ngokumzimba, bacula isicathamiya (Acapella).

18:47

DANKIE1223- DR CHONCO INTERVIEW (EPILEPSY)

Namhlanje usuku usuku lokuqwashisa ngesifo sokuwa (Epilepsy). Sino dokotela uDr Sfiso Chonco osicacisela kafushane ngalesifo ekuqwashiswa ngaso namhlanje. 

04:42

DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO - WHY DID YOU APPLY FOR THIS JOB(10 FEB - INTERVIEW QUESTIONS)

Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Isihloko: Sibuka indela (Structure) okumele usilandele ukuze uwuphendule kahle umbuzo oxaka abaningi kwi- Interview, u- ‘Why did you apply for this job/Why do you want this job?’.

02:28

DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO -AMATHUBA EMISEBENZI (10 FEB 2025)

Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.

05:07

Sikhiuluma noNandipha Mrwetyna oyi CSI and Special Projects Coordinator kwaSAMBRO

10:56
Close

Save video to ...